“Akunasikhubekiso” Kulabo Abathanda UJehova Ingabe

Transkript

“Akunasikhubekiso” Kulabo Abathanda UJehova Ingabe
34567
M A RC H 1 5 , 2 0 1 3
April 29–May 5
“Akunasikhubekiso”
Kulabo Abathanda UJehova
IKHASI 3
IZINGOMA: 45, 32
May 6-12
Ingabe ‘Unenhliziyo Yokwazi’
UJehova?
IKHASI 13
IZINGOMA: 62, 60
May 13-19
Njengoba
‘Sesimazi UNkulunkulu’
—Yini Okumelwe Siyenze?
IKHASI 23
IZINGOMA: 81, 135
Uhlelo Olubhalwe Ngokugqamile
INGXENYE 1
34567
MARCH 15, 2013
Vol. 134, No. 6
Semimonthly
ZULU
IZIHLOKO EZIFUNDWAYO
˝
“Akunasikhubekiso” Kulabo Abathanda UJehova
Wonke amaKristu asemncintiswaneni wokuzuza umklomelo wokuphila okuphakade. Kodwa ngenxa yesono esisizuze njengefa, sonke siyakhubeka. Lesi sihloko sizosisiza sibone izikhubekiso ezinhlanu futhi sichaze nendlela yokuzigwema ukuze zingasivimbi
ukuba siphumelele.
˝
Ingabe ‘Unenhliziyo Yokwazi’ UJehova?
Incwadi kaJeremiya isitshela okuningi ngenhliziyo. Lesi sihloko sizosisiza sibone ukuthi iyini ‘inhliziyo engasokile’ nokuthi ingaba kanjani yingozi ngisho nakumaKristu. Sizobona nokuthi, yini
esingayenza ukuze sibe ‘nenhliziyo yokwazi’ uJehova.—Jer. 9:26;
24:7.
˝
Njengoba ‘Sesimazi UNkulunkulu’
—Yini Okumelwe Siyenze?
Yiziphi izinyathelo ezihilelekile ukuze simazi uNkulunkulu naye
asazi? Kungani ukukhula komKristu kuqhubeka ngemva kokuba
umuntu esefinyelele ukuvuthwa okungokomoya futhi kwenzeka
kanjani? Lesi sihloko sizokusiza ukuba uphendule le mibuzo.
Lo magazini awuthengiswa. Uyingxenye yomsebenzi wokufundisa ngeBhayibheli owenziwa emhlabeni wonke
osekelwa ngeminikelo yokuzithandela. Ngaphandle
kwalapho kuboniswe ngenye indlela, izingcaphuno zemiBhalo zithathwe kuyi-Nguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele yolimi lwanamuhla.
The Watchtower (ISSN 0043-1087) is published semimonthly by Watchtower Bible and Tract Society of
New York, Inc.; L. Weaver, Jr., President; G. F. Simonis,
Secretary-Treasurer; 25 Columbia Heights, Brooklyn, NY
11201-2483, and by Watch Tower Bible and Tract
Society of South Africa NPC, 1 Robert Broom Drive East,
Rangeview, Krugersdorp, 1739. 5 2013 Watch Tower
Bible and Tract Society of Pennsylvania. All rights
reserved. Printed in South Africa.
“Akunasikhubekiso”
Kulabo Abathanda UJehova
“Ukuthula okuchichimayo kungokwalabo abathanda
umthetho wakho, futhi akunasikhubekiso kubo.”
—IHU. 119:165.
UNGAPHENDULA KANJANI?
AmaKristu asemncintiswaneni ngayiphi indlela, futhi uyini
umklomelo?
Yiziphi izikhubekiso ezingase zikhube umKristu?
Labo abathanda umthetho kaJehova abanasikhubekiso ngamuphi
umqondo?
KUSUKELA esemusha, uMary Decker wayedume ngokuba
umgijimi osezingeni eliphezulu. Nguye okwakubhekwe ukuthi
uzothatha indondo yegolide emncintiswaneni wamanqamu webanga elingamamitha angu-3 000 kuma-Olympic Asehlobo Ka1984. Kodwa, akafikanga entanjeni. Wakhutshwa umlenze womunye umgijimi wawa washayeka phansi ngekhanda. Walimala
futhi kwadingeka ukuba akhishwe enkundleni ekhala. Kodwa
akazange alilahle ithemba. Kungakapheli ngisho nonyaka, wayesegijima futhi wephula irekhodi lomhlaba lebanga labesifazane
elingamamitha angaba ngu-1 500 ngo-1985.
1. Isimo sengqondo somgijimi othile singakufanekisa kanjani ukuzimisela
kwethu ukungalilahli ithemba?
INGXENYE 1
IN QABAYOKULINDA— M ARCH 15, 2013
3
2
NjengamaKristu, sisemncintiswaneni wokugijima ongokomfanekiso. Kufanele sigxile ekuwuphumeleleni. Umncintiswano wethu akuwona owokusubatha odinga ijubane elikhulu ukuze siwuphumelele. Akuwona futhi nowokugijima nje kokuvivinya umzimba osivumela ukuba sibuye sime ngezinye izikhathi.
Kunalokho, ungafaniswa nomncintiswano webanga elide odinga
ukukhuthazela ukuze siwuphumelele. Lapho ebhalela amaKristu
ahlala eKorinte, umuzi owawudume ngemincintiswano yezemidlalo, umphostoli uPawulu wangathekisa ngomgijimi osemncintiswaneni. Wabhala: “Anazi yini ukuthi emncintiswaneni abagijimi bagijima bonke, kodwa munye kuphela owamukela umklomelo? Gijimani ngendlela yokuba niwufinyelele.”—1 Kor. 9:24.
3
IBhayibheli lithi siwungenele lo mncintiswano ongokomfanekiso. (Funda eyoku-1 Korinte 9:25-27.) Umklomelo uwukuphila okuphakade ezulwini kumaKristu agcotshiwe noma emhlabeni kubo bonke abanye abawugijimayo. Ngokungafani nemincintiswano yokugijima eminingi, bonke abawungenelayo lo mncintiswano futhi bakhuthazele kuze kube sekupheleni bayawuthola
umklomelo. (Math. 24:13) Abagijima kulo mncintiswano balahlekelwa ithuba lokuthola umklomelo kuphela uma bengagijimi
ngokuvumelana nemithetho yawo noma bengawuqedi. Ngaphezu
kwalokho, lona ukuphela komncintiswano onomklomelo wokuphila okuphakade.
2. AmaKristu eqiniso asemncintiswaneni ngamuphi umqondo, futhi yini okumelwe sigxile kuyo?
3. Kungenzeka kanjani ukuba bonke abagijimi bathole umklomelo wokuphila
okuphakade?
4
IN QABAYOKULINDA— M ARCH 15, 2013
INGXENYE 1
4
Akulula neze ukufika entanjeni. Kudingeka ukuzithiba nokuba nenjongo. Uyedwa kuphela umuntu—uJesu Kristu—owake
wafika entanjeni engazange akhubeke nakanye. Kodwa umfundi
wakhe uJakobe wabhala ukuthi abalandeli bakaKristu ‘bonke bayakhubeka izikhathi eziningi.’ (Jak. 3:2) Yeka ukuthi kuyiqiniso
kanjani lokho! Amaphutha ethu kuhlanganise nawabanye asithinta sonke. Ngakho ngezinye izikhathi singase sikhubeke, siyendayende lehle ijubane lethu. Singawa ngisho nokuwa, kodwa siyasukuma siqhubeke nokugijima. Abanye baye bawa kabuhlungu kangangokuthi kuye kwadingeka ukuba basizwe ukuze basukume
baphinde bagijime baphokophele entanjeni. Ngakho, kungenzeka
sikhubeke noma siwe okwesikhashana, ngisho nangokuphindaphindiwe.—1 AmaKh. 8:46.
UMA UKHUBEKA, VUKA UQHUBEKE
NOMNCINTISWANO
5
Kungenzeka uke wasebenzisa amagama athi “ukukhubeka”
noma “ukuwa” ngendlela efanayo ukuze uchaze isimo esingokomoya. Ngezinye izikhathi, la magama asetshenziswe eBhayibhelini angase adlulisele umqondo ofanayo. Ngokwesibonelo, phawula amazwi akuzAga 24:16: “Olungile angawa ngisho nakasikhombisa, kodwa ngokuqinisekile uyovuka; kodwa ababi bayokwenziwa ukuba bakhutshwe yinhlekelele.”
4. Yini eyenza umncintiswano wethu wokuthola ukuphila okuphakade ube yinselele?
5, 6. (a) Kushiwo ngamuphi umqondo ukuthi ‘akunasikhubekiso’ kumKristu
futhi yini eyomsiza ukuba ‘avuke’? (b) Kungani abanye bengasukumi ngemva
kokukhubeka?
INGXENYE 1
IN QABAYOKULINDA— M ARCH 15, 2013
5
6
UJehova ngeke avume ukuba labo abathembela kuye bakhutshwe noma bawiswe—ubunzima noma isimo esidumazayo ekukhulekeleni kwabo—bangabe besakwazi ukuphinde baphakame.
Siyaqiniseka ukuthi uJehova uyosisiza ukuba ‘sivuke’ ukuze siqhubeke sizinikela ngokugcwele enkonzweni yakhe. Yeka ukuthi
lokhu kududuza kanjani kubo bonke abathanda uJehova ngokusuka enhliziyweni! Ababi abanaso isifiso esifanayo sokusukuma.
Abalufuni usizo lomoya ongcwele kaNkulunkulu nolwabantu bakhe, noma bayalwenqaba ngisho belunikwa. Ngokuphambene,
kulabo ‘abathanda umthetho kaJehova,’ akunasikhubekiso esingabakhipha ngokuphelele emncintiswaneni wokuphila.—Funda
iHubo 119:165.
Abanye bawela ezonweni ezincane—ngisho nangokuphindaphindiwe—ngenxa yobuthakathaka obuthile. Kodwa bayaqhubeka
belungile emehlweni kaJehova uma beqhubeka ‘bevuka,’ okuwukuthi, bephenduka ngobuqotho bazabalazele ukuphindela enkambweni yenkonzo yokwethembeka. Singakubona lokhu endleleni
uNkulunkulu asebenzelana ngayo nama-Israyeli asendulo. (Isaya
41:9, 10) Kunokuba igqamise ubuthakathaka bethu ‘bokuwa,’
incwadi yezAga 24:16 ecashunwe ekuqaleni, igxila kakhulu kokuhle—‘ukuvuka’ kwethu ngosizo lukaNkulunkulu wethu onesihe.
(Funda u-Isaya 55:7.) Ngomusa, uJehova uNkulunkulu noJesu
Kristu basikhuthaza ukuba ‘sivuke,’ okubonisa ukuthi bayasethemba.—IHu. 86:5; Joh. 5:19.
7
8
Ngisho noma umgijimi osemncintiswaneni webanga elide
7, 8. Umuntu ‘angawa’ kanjani kodwa aqhubeke amukeleka kuNkulunkulu?
6
IN QABAYOKULINDA— M ARCH 15, 2013
INGXENYE 1
engakhubeka noma awe, angaba naso isikhathi sokusukuma futhi
awuqede umncintiswano uma enza ngomuzwa wokuphuthuma.
Emncintiswaneni wethu wokuphila okuphakade, asilwazi ‘usuku
nehora’ umncintiswano oyophela ngalo. (Math. 24:36) Noma kunjalo, lapho sigwema ukukhubeka, siba sethubeni elingcono lokuqhubeka sigijima kahle, siqhubeke sisemncintiswaneni futhi siwuqede ngokuphumelelayo. Singakugwema kanjani-ke ukukhubeka?
UKUKHUBEKA OKUPHAZAMISA INTUTHUKO
9
Ake sikhulume ngezinto ezinhlanu ezingaba izikhubekiso
—ubuthakathaka bomuntu siqu, izinkanuko zenyama, ukungabi
nabulungisa kwesikholwa nabo, usizi noma ukushushiswa kanye
nokungapheleli kwabanye. Nokho, uma siye sakhubeka, masikhumbule ukuthi uJehova akeve enesineke. Akasheshi asibheke njengabantu abangathembekile.
Ubuthakathaka bomuntu siqu bungafaniswa namatshe asenkundleni yomncintiswano. Uma sibheka izenzakalo zokuphila kweNkosi uDavide nokomphostoli uPetru, singaphawula izinhlobo ezimbili zobuthakathaka obunjalo—ukuhluleka ukuzithiba nokwesaba abantu.
10
11
INkosi uDavide yabonisa ubuthakathaka endabeni yokuzithiba, njengoba kubonakala ezenzweni zayo ezihilela uBhati-sheba.
Nalapho ethukwa uNabali, uDavide wayesezothatha izinto ngamawala. Yebo, wantula ukuzithiba, kodwa akazange ayeke ukuqhubeka ezama ukujabulisa uJehova. Ngosizo lwabanye, wakwazi
9. Iziphi izinto ezingaba izikhubekiso esizoxoxa ngazo?
10, 11. UDavide walwa nabuphi ubuthakathaka?
INGXENYE 1
IN QABAYOKULINDA— M ARCH 15, 2013
7
ukuphinde alungise ingokomoya lakhe.—1 Sam. 25:5-13, 32, 33;
2 Sam. 12:1-13.
12
UPetru wabonisa ukwesaba abantu futhi wakhubeka kabi
ngezikhathi ezithile; nokho, waqhubeka eqotho kuJesu nakuJehova. Ngokwesibonelo, waphika iNkosi yakhe obala, hhayi kanye
nje, kodwa izikhathi ezintathu. (Luka 22:54-62) Kamuva, uPetru
wahluleka ukwenza ngendlela yobuKristu, waphatha amakholwa
angabeZizwe njengokungathi adlulwa amaKristu asokiwe angamaJuda. Nokho, umphostoli uPawulu wayibona ngokucacile le
ndaba—ukuhlukanisa abantu ngokwezigaba kwakungenayo neze
indawo ebandleni. Sasingalungile neze isimo sengqondo sikaPetru. Ngaphambi kokuba ukwenza kukaPetru konakalise abazalwane, uPawulu wameluleka ngokuqondile, ubuso nobuso. (Gal. 2:
11-14) Ingabe uPetru waphoxeka kangangokuba wawuyeka umncintiswano wokuphila? Cha. Wacabangisisa ngeseluleko sikaPawulu, wasisebenzisa futhi waqhubeka nomncintiswano.
13
Ngezinye izikhathi ubuthakathaka bomuntu siqu bungaba yinkinga yempilo. Nalokhu kungaba isikhubekiso. Kungase kukhinyabeze ijubane lethu elingokomoya futhi kuze kubangele nokuba
siyendayende bese siphelelwa amandla. Ngokwesibonelo, udade
othile waseJapane waba nenkinga yempilo ngemva kweminyaka
engu-17 ebhapathiziwe. Waba matasa ezama ukuzelapha kangangokuba waze waba buthaka ngokomoya. Ngokuhamba kwesikhathi waphola. Abadala ababili bamvakashela. Ekhuthazwe amazwi
12. Waqhubeka kanjani uPetru esemncintiswaneni naphezu kokukhubeka?
13. Ubuthakathaka bempilo bungaba kanjani isikhubekiso?
8
IN QABAYOKULINDA— M ARCH 15, 2013
INGXENYE 1
abo anomusa, waqala futhi ukuya emihlanganweni. Uyakhumbula,
“Ngakhala izinyembezi ngenxa yokuthi abafowethu bangibingelela
ngenkulu imfudumalo.” Lo dadewethu usebuyele emncintiswaneni.
Izinkanuko zenyama ziye zakhuba abaningi. Lapho silingwa
ngale ndlela, kufanele sithathe isinyathelo esiqatha ukuze sihlale sihlanzekile engqondweni, ngokokuziphatha nangokomoya. Khumbula iseluleko sikaJesu ‘sokulahla’ ngomqondo ongokomfanekiso noma yini engasikhuba, ngisho neso noma isandla sethu. Ingabe lokho akunakuhlanganisa ukulahla imicabango engcolile nezenzo eziye zabangela abaningi ukuba baphume emncintiswaneni?
—Funda uMathewu 5:29, 30.
14
15
Omunye umzalwane owakhulela emkhayeni wamaKristu wabhala ukuthi selokhu kwathi nhlo, ubelokhu elwa nokuthambekela kobungqingili. Wathi: “Ngangihlale ngingakhululekile. Kwakubonakala sengathi angizazi ukuthi ngiwela kuluphi uhlangothi.”
Waba iphayona elivamile futhi wamiswa njengenceku ekhonzayo
ebandleni eneminyaka engu-20. Wabe esekhubeka kabi, wathola isiyalo esingokomBhalo nosizo lwabadala. Ngokuthandaza, ukutadisha iZwi likaNkulunkulu nangokugxila ekusizeni abanye, wasukuma waqhubeka egijima ngokomoya. Nakuba sekudlule iminyaka,
uyavuma: “Ngezinye izikhathi ngiba nayo leyo mizwa, kodwa angiyivumeli ukuba inginqobe. Ngiye ngafunda ukuthi uJehova ngeke
akuvumele ukuba ulingwe ngaphezu kwamandla akho. Ngakho ngikholelwa ukuthi uNkulunkulu ucabanga ukuthi nginganqoba.” Lo
14, 15. Isiphi isinyathelo esiqatha esidingekayo lapho ufikelwa izinkanuko ezimbi? Bonisa.
INGXENYE 1
IN QABAYOKULINDA— M ARCH 15, 2013
9
mzalwane uphetha ngokuthi: “Konke ukukhuthazela kwami nokulwa naleyo mizwa kuyovuzwa ezweni elisha. Ngiyawufuna lowo
mvuzo! Kuze kube yileso sikhathi, ngizoqhubeka ngilwa.” Uzimisele ukuqhubeka esemncintiswaneni.
Ukungabi nabulungisa kwesikholwa nabo kungaba yisikhubekiso. EFrance, umzalwane othile owake wakhonza njengomdala
wayekholelwa ukuthi wayebe isisulu sokungabi nabulungisa, futhi
waba nentukuthelo ngaphakathi. Ngenxa yalokho, wayeka ukuzihlanganisa nebandla waphola. Abadala ababili bamvakashela futhi
bamlalela ngozwela ngaphandle kokumphazamisa njengoba ayelandisa uhlangothi lwakhe lwendaba. Bamkhuthaza ukuba aphonse
umthwalo wakhe kuJehova futhi bagcizelela nokuthi into ebaluleke kakhulu ukumjabulisa. Wasabela kahle futhi ngokushesha wayesebuyele emncintiswaneni, esematasa futhi emisebenzini yebandla.
16
17
Wonke amaKristu kufanele agxile eNhlokweni yebandla emisiwe, uJesu Kristu, hhayi kubantu abangaphelele. UJesu, onamehlo
‘anjengelangabi lomlilo,’ ubona yonke into njengoba injalo, ngakho
ubona okungaphezu kwalokho esiyoke sikubone thina. (IsAm. 1:
13-16) Ngokwesibonelo, ubona nalokho okungase kubonakale kithi kuwukungabi nabulungisa, okungenzeka ukuthi empeleni kumane kuwukwahlulela kabi noma ukungaqondi kwethu. UJesu uyozisingatha ngendlela efanele izidingo zebandla ngesikhathi esifanele. Ngakho akufanele sivumele izenzo noma izinqumo zanoma imuphi umKristu esikanye naye zibe isikhubekiso kithi.
16, 17. (a) Yini eyasiza umzalwane othile owayenomuzwa wokuthi uphathwe
ngendlela engenabulungisa? (b) Ukuze sigweme ukukhubeka, yini okudingeka
sigxile kuyo?
10
IN QABAYOKULINDA— M ARCH 15, 2013
INGXENYE 1
Ezinye izinto ezimbili eziyisikhubekiso usizi noma ukushushiswa kanye nokungapheleli kwabanye ebandleni. Emfanekisweni wakhe womhlwanyeli, uJesu wathi ukuba ‘nosizi noma ukushushiswa’ ngenxa yezwi kwakuyobangela ukukhubeka kwabathile.
Kungakhathaliseki ukuthi uyini umthombo wokushushiswa—umndeni, omakhelwane noma ohulumeni—kungamkhinyabeza umuntu ‘ongenazimpande,’ ongagxilile ngokomoya. (Math. 13:21) Nokho, uma siqhubeka sinenhliziyo elungile, imbewu yoMbuso iyosisiza ukuba sihlakulele izimpande ezijulile eziyoqinisa ukholo lwethu. Lapho ubhekene noshushiso, lwela ukuzindla nokuthandaza
ngezinto ezikufanelekelayo ukudunyiswa. (Funda eyabaseFilipi 4:
6-9.) Ngamandla kaJehova, siyokwazi ukumelana novivinyo, singazivumeli izimo ezisikhathazayo zibe yisikhubekiso.
18
19
Kuyadabukisa ukuthi njengoba iminyaka ihamba, abanye
baye bavumela ukungapheleli kwabanye ukuba kubakhiphe emncintiswaneni. Ukungafani kwemibono ezindabeni zikanembeza kuye kwaba yisikhubekiso kubo. (1 Kor. 8:12, 13) Uma
othile esicasula, ingabe siyokuvumela lokho ukuba kube yinto
enkulu? IBhayibheli linxusa amaKristu ukuba ayeke ukwahlulela, abathethelele abanye, futhi agweme ukulwela amalungelo
awo ngaso sonke isikhathi. (Luka 6:37) Lapho ubhekene nesimo esingase sibe isikhubekiso, zibuze: ‘Ingabe ngahlulela abanye ngokwalokho okuthandwa yimi? Njengoba ngazi ukuthi abafowethu abaphelele, ingabe ngiyovumela ukungapheleli kothile
18. Singamelana kanjani ngokuphumelelayo novivinyo noma izimo ezisikhathazayo?
19. Singakugwema kanjani ukukhutshwa ukucasulwa othile?
INGXENYE 1
IN QABAYOKULINDA— M ARCH 15, 2013
11
kungenze ngiphume emncintiswaneni wokuphila?’ Uthando lwethu ngoJehova lungasisiza sizimisele ukuba singavumeli lutho lusivimbe ukuba sifike entanjeni.
GIJIMA NGOKUKHUTHAZELA
—UGWEME UKUKHUBEKA
20
Ingabe uzimisele ‘ukugijima ibanga uze uyoqeda’? (2 Thim.
4:7, 8) Uma kunjalo, kumelwe nakanjani ube nesifundo somuntu
siqu. Sebenzisa iBhayibheli nezincwadi zethu ezingokwasezulwini
ukuze ukwazi ukucwaninga, ukuzindla nokubona izinto ezingase zibe yisikhubekiso. Cela umoya ongcwele kuNkulunkulu ukuba ukunike amandla okukhuthazela owadingayo. Khumbula, akekho umgijimi ongahluleka emncintiswaneni ngenxa nje yokuthi
ukhubekile noma uwe kanye nje kuphela. Angavuka aqhubeke
nomncintiswano. Angaze asebenzise ngisho nezinto ezingaba isikhubekiso njengezitebhisi, afunde izifundo ezibalulekile kunoma
yikuphi ukuvivinywa kokholo lwakhe.
21
IBhayibheli lichaza ukuthi ukuhlanganyela kulo mncintiswano wokuphila okuphakade kudinga izenzo, hhayi ukugoqa izandla. Akufani nokungena ebhasini eliya empumelelweni
bese uhlala nje. Kumelwe siwugijime ngokwethu umncintiswano wokuphila. Njengoba senza kanjalo, “ukuthula okuchichimayo” okuvela kuJehova kuyoba njengomoya osisunduzela phambili. (IHu. 119:165) Singaqiniseka ukuthi uJehova uyoqhubeka esibusisa manje nokuthi bonke abawuqedayo umncintiswano bayothola izibusiso ezingapheli esikhathini esizayo.—Jak. 1:12.
20, 21. Yini ozimisele ukuyenza emncintiswaneni wokuphila?
12
IN QABAYOKULINDA— M ARCH 15, 2013
INGXENYE 1
Ingabe ‘Unenhliziyo Yokwazi’
UJehova?
“Ngiyobanika inhliziyo yokungazi mina, ukuthi
nginguJehova; bayoba ngabantu bami.”—JER. 24:7.
UNGAPHENDULA KANJANI?
AmaJuda amaningi osuku lukaJeremiya ‘ayengasokile
enhliziyweni’ ngayiphi indlela?
Kungani kufanele sonke sihlole inhliziyo yethu engokomfanekiso?
Singaba kanjani ‘nenhliziyo yokwazi’ uJehova?
INGABE uyakujabulela ukudla amakhiwane, asanda kukhiwa
noma omisiwe? Abaningi bayakujabulela, yingakho amakhiwane
etshalwa kabanzi. AmaJuda asendulo ayewazisa amakhiwane.
(Nah. 3:12; Luka 13:6-9) Amakhiwane ane-fiber, anezinhlayiya
ezilwa nezinto ezilimaza amangqamuzana emzimbeni kanye namaminerali; yingakho abanye bethi asiza inhliziyo.
2
UJehova wake wahlobanisa amakhiwane nenhliziyo. Wayengakhulumi ngezinzuzo ezingokwempilo zokudla amakhiwane.
Wayekhuluma ngendlela engokomfanekiso. Lokho akusho ngomprofethi uJeremiya kuyayithinta inhliziyo yakho nezinhliziyo zabathandekayo bakho. Njengoba sicabangela lokho akusho, zindla
ngokuthi lokhu kungasho ukuthini ngamaKristu.
1, 2. Kungani abanye bewathanda amakhiwane?
INGXENYE 1
IN QABAYOKULINDA— M ARCH 15, 2013
13
3
Okokuqala, ake sicabangele okuthile uNkulunkulu akusho
ngamakhiwane ngosuku lukaJeremiya. Ngo-617 B.C.E., isimo
esingokomoya sesizwe sakwaJuda sasisibi. UNkulunkulu wanikeza umbono ochaza ngekusasa, efanekisa ngezinhlobo ezimbili zamakhiwane—“ayemahle kakhulu” ‘nayemabi kakhulu.’ (Funda
uJeremiya 24:1-3.) Amakhiwane amabi ayemelela iNkosi uZedekiya kanye nabanye abafana nayo ababeyophathwa kabi iNkosi uNebukhadinezari namabutho ayo. Kodwa kuthiwani ngoHezekeli, uDaniyeli nabangane bakhe abathathu abase bethunjelwe
eBhabhiloni kakade, kanye namanye amaJuda ayesezothunjelwa
khona? Babefana namakhiwane amahle. Insali yabo yayizobuyela emuva iyokwakha kabusha iJerusalema nethempeli lalo. Lokho
kwenzeka ngokuhamba kwesikhathi.—Jer. 24:8-10; 25:11, 12;
29:10.
4
Nakhu uJehova akusho ngalabo ababemelelwa amakhiwane
amahle: “Ngiyobanika inhliziyo yokungazi mina, ukuthi nginguJehova; bayoba ngabantu bami.” (Jer. 24:7) Isihloko sethu sisekelwe kulo mBhalo futhi yeka indlela oyisikhuthazo ngayo! UNkulunkulu ukulungele ukunikeza abantu ngabanye ‘inhliziyo yokumazi.’ Kule ndaba, “inhliziyo” ihlobene nesimo sengqondo somuntu. Ngokuqinisekile, uyafuna ukuba nenhliziyo enjalo nokuba yingxenye yabantu baKhe. Izinyathelo ezingakusiza ufinyelele
lokho zihlanganisa ukutadisha iZwi likaNkulunkulu nokukuse3. Ayemelelani amakhiwane okukhulunywa ngawo esahlukweni 24 sencwadi
kaJeremiya?
4. Isiphi isikhuthazo esingasithola kulokho uNkulunkulu akusho ngamakhiwane amahle?
14
IN QABAYOKULINDA— M ARCH 15, 2013
INGXENYE 1
benzisa elikushoyo, ukuphenduka nokuguquka, ukunikezela ukuphila kwakho kuye nokubhapathizwa egameni likaYise, leNdodana nelomoya ongcwele. (Math. 28:19, 20; IzE. 3:19) Kungenzeka usuzithathile lezi zinyathelo noma mhlawumbe uhlanganyela
njalo noFakazi BakaJehova futhi usuqalile ukuzithatha.
5
Kungakhathaliseki ukuthi sisathathe ezinye zalezo zinyathelo noma sesizithathe zonke, kusadingeka ukuba sinake isimo sethu sengqondo nokuziphatha kwethu. Isizathu salokho ungasithola kokunye uJeremiya akuloba ngenhliziyo. Ezinye izahluko
zencwadi kaJeremiya zikhuluma ngezinye izizwe, kodwa yona
ngokuyinhloko yayigxile esizweni sakwaJuda phakathi nokubusa
kwamakhosi aso amahlanu. (Jer. 1:15, 16) Yebo, uJeremiya wayebhala ngokukhethekile ngamadoda, abesifazane nezingane ababezinikezele kuJehova. Okhokho babo babekhethe ngokuzithandela ukuba isizwe esinobuhlobo noJehova. (Eks. 19:3-8) Ngosuku lukaJeremiya, abantu bavuma ukuthi babezinikezele ku´
Nkulunkulu. Bathi: “Size kuwe, ngoba wena Jehova, unguNkulunkulu wethu.” (Jer. 3:22) Nokho, ucabanga ukuthi sasinjani
isimo senhliziyo yabo?
INGABE KUYADINGEKA UKUHLINZWA
KWENHLIZIYO ENGOKOMFANEKISO?
6
Odokotela banamuhla bangasebenzisa izinto zobuchwepheshe obuphambili ukuze babone isimo senhliziyo nendlela
5. UJeremiya waloba ngenhliziyo yobani ngokukhethekile?
6. Kungani kufanele sibe nesithakazelo ngokukhethekile kulokho uNkulunkulu akusho ngenhliziyo?
INGXENYE 1
IN QABAYOKULINDA— M ARCH 15, 2013
15
esebenza ngayo. Nokho, uJehova angenza okungaphezu kwalokho, njengoba enza osukwini lukaJeremiya. UNkulunkulu ukwazi kahle ukuyihlola, njengoba sibona emazwini akhe: “Inhliziyo
ikhohlisa ngaphezu kwanoma yini enye futhi yenza ngokuphelelwa yithemba. Ubani ongase ayazi? Mina, Jehova, ngiphenya
inhliziyo, . . . ukuze nginike yilowo nalowo ngokwezindlela zakhe, ngokwezithelo zezenzo zakhe.” (Jer. 17:9, 10) ‘Ukuphenya
inhliziyo’ akuhileli ukuhlola kodokotela inhliziyo engokoqobo,
okungenzeka ishaye izikhathi ezingaba izigidi eziyizinkulungwane ezintathu phakathi neminyaka engu-70 noma engu-80. Kunalokho, uJehova wayekhuluma ngenhliziyo engokomfanekiso.
Leyo “nhliziyo” ibhekisela kumuntu wangaphakathi, ohlanganisa izifiso, imicabango, isimo sengqondo kanye nemigomo yakhe.
Unenhliziyo enjalo. UNkulunkulu angayihlola futhi nawe ngokwezinga elithile ungayihlola.
7
Ukuze silungiselele lokhu kuhlolwa, singase sibuze, ‘Sasinjani isimo senhliziyo engokomfanekiso yamaJuda amaningi ngesikhathi sikaJeremiya?’ Ukuze uphendule, cabanga ngenkulumo
engavamile uJeremiya ayisebenzisa: “Yonke indlu ka-Israyeli ayisokile enhliziyweni.” Wayengakhulumi ngokusoka okuvamile
kwabesilisa abangamaJuda, ngoba wayethe: “ ‘Bheka! Kuza izinsuku,’ kusho uJehova, ‘futhi ngiyokwenza ukuba kulandise wonke umuntu osokile kodwa oqhubeka esekungasokini.’ ” Ngakho ngisho namadoda angamaJuda asokile, ‘ayengasokile enhliziyweni.’ (Jer. 9:25, 26) Kwakusho ukuthini lokhu?
7. UJeremiya wayichaza kanjani inhliziyo yamaJuda amaningi osuku lwakhe?
16
IN QABAYOKULINDA— M ARCH 15, 2013
INGXENYE 1
8
Sithola inkomba esisiza siqonde ukuthi ‘ukungasoki enhliziyweni’ kusho ukuthini lapho sihlola lokho uNkulunkulu acela
amaJuda ukuba akwenze: “[Susani] ijwabu lezinhliziyo zenu, nina
bantu bakwaJuda nabakhileyo eJerusalema; ukuze ukufutheka
kwami kungaphumi . . . ngenxa yobubi bezenzo zenu.” Kodwa wawukuphi umsuka wezenzo zawo ezimbi? Ngaphakathi, ezinhliziyweni zawo. (Funda uMarku 7:20-23.) Yebo, ngoJeremiya, uNkulunkulu wawembula umsuka wezenzo ezimbi zamaJuda. Izinhliziyo zawo zazivukela zingaphenduki. Izinhloso nokucabanga kwawo kwakungamjabulisi uNkulunkulu. (Funda uJeremiya 5:23, 24; 7:24-26.) UNkulunkulu wathi kubo: “Zisokeleni uJehova, nisuse ijwabu lezinhliziyo zenu.”—Jer. 4:4; 18:
11, 12.
9
Ngakho, amaJuda osuku lukaJeremiya ayedinga ukuhlinzwa
kwenhliziyo engokomfanekiso—‘ukusokwa kwenhliziyo’—njengoba kwenza amaJuda angesikhathi sikaMose. (Dut. 10:16;
30:6) ‘Ukususa ijwabu lezinhliziyo zawo’ kwakusho ukususa izinto ezazenza izinhliziyo zawo zingasabeli—ukucabanga, imizwelo noma izisusa zawo ezazingqubuzana noNkulunkulu.—IzE.
7:51.
‘INHLIZIYO YOKUMAZI’ NAMUHLA
10
Yeka ukuthi sibonga kangakanani ngokuthi uNkulunkulu
usenza siyiqonde inhliziyo engokomfanekiso! Abanye bangase bazibuze: ‘Kodwa kungani oFakazi BakaJehova bezikhathaza ngale
8, 9. Yini amaJuda amaningi okwakudingeka ayenze ngezinhliziyo zawo?
10. Silingisa uDavide, yini okufanele sifune ukuyenza?
INGXENYE 1
IN QABAYOKULINDA— M ARCH 15, 2013
17
ndaba namuhla?’ Akusho ukuthi amaKristu amaningi emabandleni ahamba ebubini noma aba ‘amakhiwane amabi,’ njengamaJuda amaningi asendulo. Ngokuphambene nalokho, izinceku
zikaNkulunkulu namuhla zingabantu abazinikele nabahlanzekile. Noma kunjalo, cabanga ngesicelo esenziwa uDavide kuJehova: “O Nkulunkulu ngihlolisise, wazi inhliziyo yami. Ngihlole,
wazi imicabango yami engincisha ukuthula, ubone ukuthi ikhona
yini indlela ebangela ubuhlungu kimi.”—IHu. 17:3; 139:23, 24.
11
UJehova ufuna ukuba sibe nesimo esamukelekayo kuye futhi sisigcine. Ngokuphathelene nolungileyo, uJeremiya wavuma:
“Wena, Jehova wamabutho, uhlola olungileyo; ubona izinso nenhliziyo.” (Jer. 20:12) Uma uMninimandla onke ehlola ngisho
nenhliziyo yolungileyo, akufanele yini ukuba thina ngokwethu sizihlolisise? (Funda iHubo 11:5.) Njengoba senza kanjalo, singase siphawule ukuthi kunesimo sengqondo, umgomo noma
umuzwa ojulile odinga ukulungiswa. Singase siphawule okuthile
okwenza inhliziyo yethu ingazweli, ‘okunjengejwabu lenhliziyo
yethu,’ esiqaphela ukuthi kumelwe lisuswe. Lokho kuyoba ukuhlinzwa kwenhliziyo okungokomfanekiso. Uma uvuma ukuthi
kuyoba kuhle ukuba uhlole inhliziyo yakho engokomfanekiso,
yini ongayibheka? Ungalwenza kanjani ushintsho oludingekayo?
—Jer. 4:4.
12
Nakhu esiqiniseka ngakho: Akufanele silindele ukuba uJehova asiphoqe ukuba sishintshe. Ngokuphathelene nalabo ‘aba11, 12. (a) Kungani ngamunye kithi kufanele ahlole inhliziyo yakhe? (b) Yini
uNkulunkulu angeke ayenze?
18
IN QABAYOKULINDA— M ARCH 15, 2013
INGXENYE 1
ngamakhiwane amahle’ wathi ‘wayeyobanika inhliziyo yokumazi.’ Akazange athi uzobaphoqa ukuba bashintshe inhliziyo. Kwakudingeka bafise ukuba nenhliziyo ezwelayo ebonisa ukuthi bayamazi uNkulunkulu. Akukhona yini lokho nathi esikudingayo?
13
UJesu wathi: “Enhliziyweni kuvela imicabango emibi, ukubulala, ukuphinga, ubufebe, ukweba, ubufakazi obungamanga,
ukuhlambalaza.” (Math. 15:19) Ngokucacile, uma inhliziyo yomzalwane engazweli iye yamshukumisela ukuba aphinge noma
afebe futhi engakaphenduki, angase alahlekelwe umusa kaNkulunkulu ngokuphelele. Nokho, ngisho nomuntu ongazange enze
ububi obunjalo kungenzeka uvumela isifiso esibi ukuba sikhule
enhliziyweni yakhe. (Funda uMathewu 5:27, 28.) Yilapha-ke kungaba usizo khona ukuhlola inhliziyo yakho. Uma uhlolisisa
inhliziyo yakho, ingabe uyothola ukuthi unomuzwa ongafanele
ngomuntu wobulili obuhlukile, izifiso ezifihlekile uNkulunkulu
angeke azishalazele okudingeka zisuswe?
14
Umzalwane ongazange ‘abulale’ muntu angase avumele
intukuthelo ikhule enhliziyweni yakhe ize ifike eqophelweni lokuzonda umKristu akanye naye. (Lev. 19:17) Ingabe lo mzalwane uzozama ukuyisusa imizwa enjalo engenza inhliziyo yakhe
ingasabeli?—Math. 5:21, 22.
15
Ngokujabulisayo, amaKristu amaningi awanayo ‘inkinga
13, 14. Inhliziyo yomKristu ingamlimaza ngamuphi umqondo?
15, 16. (a) Nikeza isibonelo sendlela umKristu angaba ngayo ‘ongasokile
enhliziyweni.’ (b) Kungani ucabanga ukuthi ‘inhliziyo engasokile’ ngeke imjabulise uJehova?
INGXENYE 1
IN QABAYOKULINDA— M ARCH 15, 2013
19
yenhliziyo’ enjalo. Noma kunjalo, uJesu wakhuluma ‘ngemicabango emibi.’ Lena imibono noma izimo zengqondo ezingonakalisa izici eziningi zokuphila kwethu. Ngokwesibonelo, umuntu
angase abe nombono ophambene wokwethembeka ezihlotsheni
zakhe. Yiqiniso, amaKristu afuna ukuba ‘nothando’ ngezihlobo
zawo, angenzi njengabaningi abangenalo uthando olunjalo ‘kulezi zinsuku zokugcina.’ (2 Thim. 3:1, 3) Nokho, kungenzeka
ukuba seqise ekuboniseni lolo thando. Abaningi banomuzwa wokuthi izihlobo azilahlani. Ngakho, bangase bavikele noma bathathe uhlangothi lwezihlobo zabo kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani futhi bacasuke kakhulu lapho isihlobo siphathwa kabi.
Cabanga ngalokho imizwa enjalo enamandla eyabangela ukuba abafowabo bakaDina bakwenze. (Gen. 34:13, 25-30) Cabanga nangalokho okwakusenhliziyweni ka-Absalomu, okwamholela ekubulaleni umfowabo ngamzali munye u-Amnoni. (2 Sam.
13:1-30) Akuyona yini ‘imicabango emibi’ eyabangela lezo zigigaba?
16
Kuyiqiniso ukuthi amaKristu eqiniso awabulali. Nokho, kungenzeka yini ukuba afukamele imizwa enamandla yokucasukela
umzalwane noma udade oye wenza noma washo okuthile okulimazayo ezihlotsheni zawo noma lowo acabanga ukuthi ukwenzile? Angase enqabe izimemo ezivela kulowo muntu akholwa naye
anomuzwa wokuthi uphathe kabi omunye wezihlobo zawo, noma
angammemi nhlobo. (Heb. 13:1, 2) Imizwa enjalo enamandla yokucasuka nokungabonisi umoya wokungenisa izihambi kwabanye
20
IN QABAYOKULINDA— M ARCH 15, 2013
INGXENYE 1
ibonisa ukuntuleka kothando futhi akufanele ithathwe kancane.
Yebo, uMhloli wezinhliziyo angase akubheke njengokuba ‘nenhliziyo engasokile.’ (Jer. 9:25, 26) Khumbula labo uJehova abanxusa: ‘Susani ijwabu lezinhliziyo zenu.’—Jer. 4:4.
UKUZUZA NOKULONDOLOZA
‘INHLIZIYO YOKWAZI’ UNKULUNKULU
17
Kuthiwani uma uye wayihlola inhliziyo yakho wathola ukuthi ibingasabeli eselulekweni sikaJehova ngendlela okufanele isabele ngayo nokuthi ngokwezinga elithile ‘ayisokile’? Mhlawumbe
uye waphawula ukuthi inokwesaba umuntu, isifiso sokuvelela
noma sokunethezeka, noma ngisho nokuthambekela ekubeni nenkani noma ukuzibusa. Kuzobe kungaqali ngawe. (Jer. 7:24;
11:8) UJeremiya waloba ukuthi amaJuda angathembekile osuku lwakhe ‘ayenenhliziyo enenkani nedlubulundayo.’ Wanezela:
“Asishongo enhliziyweni yaso ukuthi: ‘Manje masimesabe uJehova uNkulunkulu wethu, Lowo osinika izihlambi nemvula yasekwindla.’ ” (Jer. 5:23, 24) Ingabe lokho akusikiseli ukuthi ukuhlakulela ukwesaba okujulile nokwazisa ngoJehova kungasisiza
ukuba ‘sisuse ijwabu lenhliziyo’? Ukwesaba okunjalo okunempilo kungasiza omunye nomunye kithi ukuba abe nenhliziyo esabela ngokwengeziwe kulokho uJehova afisa sibe yikho.
18
Singabambisana noJehova njengoba esinikeza ‘inhliziyo yokumazi.’ Empeleni, yilokho athembise ukukwenzela
17. Ukwesaba uJehova kungasisiza kanjani ukuba sibe nenhliziyo ezwelayo?
18. Isiphi isithembiso uJehova asenza kulabo abasesivumelwaneni esisha?
INGXENYE 1
IN QABAYOKULINDA— M ARCH 15, 2013
21
abagcotshiwe esivumelwaneni esisha: “Ngiyofaka umthetho wami
ngaphakathi kubo, ngiwulobe nasenhliziyweni yabo. Ngiyoba
nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami.” Kuthiwani
ngokumazi ngempela? Wanezela: “Ngeke besafundisa yilowo nalowo umngane wakhe nalowo nalowo umfowabo, bethi, ‘Yazini
uJehova!’ ngoba bonke bayongazi, kusukela komncane kunabo
bonke kuya ngisho nakomkhulu kunabo bonke kubo . . . Ngoba
ngizosithethelela isiphambeko sabo, nesono sabo ngeke ngisasikhumbula.”—Jer. 31:31-34.1
19
Kungakhathaliseki ukuthi ubheke phambili ekuzuzeni kuze
kube phakade kuleso sivumelwano esisha ezulwini noma emhlabeni, kufanele ufune ukwazi uJehova futhi ube yingxenye yabantu bakhe. Ukuze uthole lezo zinzuzo kudingeka uthethelelwe
izono zakho ngesisekelo sesihlengo sikaKristu. Ukwazi nje ukuthi ungathethelelwa kufanele kukushukumisele ukuba ubathethelele abanye, ngisho nalabo okungenzeka ukuthi ubacasukele kakhulu. Ukuzimisela kwakho ukususa noma yiliphi igqubu enhliziyweni yakho kuyoyizuzisa inhliziyo yakho. Ngaleyo ndlela uyobe ungabonisi kuphela ukuthi ufuna ukukhonza uJehova kodwa
nokuthi usuqala ukumazi kangcono. Uyofana nalabo uJehova
akhuluma ngabo ngoJeremiya: “Niyongifuna futhi ningithole,
ngoba niyongifuna ngayo yonke inhliziyo yenu. Ngiyozenza ngitholakale kini.”—Jer. 29:13, 14.
1 Isivumelwano esisha kuxoxwa ngaso esahlukweni 14 sencwadi ethi
UNkulunkulu Ukhuluma Nathi NgoJeremiya.
19. Iliphi ikusasa elimangalisayo amaKristu eqiniso abheke phambili kulo?
22
IN QABAYOKULINDA— M ARCH 15, 2013
INGXENYE 1
Njengoba
‘Sesimazi UNkulunkulu’
—Yini Okumelwe Siyenze?
‘Seniyamazi uNkulunkulu.’—GAL. 4:9.
UNGAPHENDULA KANJANI?
Kungani kuwusizo ukuhlale ubheka uhlu lokuzihlola
olungokomoya?
Kungani kufanele umKristu ovuthiwe aqhubeke ekhula
ngokomoya?
Kungani kumelwe sicabangisise ngokholo nangokuzinikezela
kwethu kuJehova?
ABASHAYELI bezindiza abashayela izindiza eziye zaba eziphephe
kakhulu kunazo zonke ezake zakhiwa banohlu lwezinto ezingaphezu kuka-30 okumelwe bazihlole ngaphambi kokuthatha uhambo
emoyeni. Uma bengalulandeli ngokucophelela lolu hlu isikhathi
ngasinye bethatha uhambo, bandisa amathuba okuba kube nengozi engaba inhlekelele. Uyazi yini ukuthi imuphi umshayeli okukhuthazwa ngokukhethekile ukuba alugcwalise njalo lolu hlu? Yilowo
osemnkantsh’ ubomvu ekushayeleni! Kulula ngomshayeli osengumakadebona ukuba athathe izinto kalula futhi angazibheki zonke
izinto okumelwe azihlole ngaphambi kokuthatha uhambo.
1. Kungani umshayeli wendiza enohlu lwezinto okumelwe azihlole ngaphambi
kokuthatha uhambo?
INGXENYE 1
IN QABAYOKULINDA— M ARCH 15, 2013
23
2
Njengomshayeli okhathalela ukuphepha, nawe ungasebenzisa
uhlobo oluthile lohlu lwezinto okumelwe uzihlole ukuze uqinisekise ukuthi ukholo lwakho ngeke luntengantenge lapho uludinga kakhulu. Kungakhathaliseki ukuthi usanda kubhapathizwa noma sekuyiminyaka ukhonza uNkulunkulu, kubalulekile ukuba ukuhlole
njalo ukujula kokholo nokuzinikela kwakho kuJehova uNkulunkulu. Ukungakwenzi lokhu njalo nangenkuthalo kungaholela ekulimaleni ngokomoya. IBhayibheli liyasixwayisa: “Lowo ocabanga ukuthi
umile makaqaphele angawi.”—1 Kor. 10:12.
3
AmaKristu aseGalathiya kwakudingeka ahlole ukujula kokholo
lwawo futhi ayazise inkululeko yawo engokomoya. Ngomhlatshelo wakhe, uJesu wayevule indlela yokuba labo ababonisa ukholo
kuye bamazi uNkulunkulu ngendlela ekhetheke kakhulu—babengaba amadodana kaNkulunkulu! (Gal. 4:9) Ukuze lawo maKristu aseGalathiya aqhubeke ejabulela lobo buhlobo obuyilungelo elikhulu,
kwakudingeka alahle izimfundiso zababeshisekela inkolo yobuJuda
ababephikelela ukuthi kugcinwe uMthetho KaMose. Kwakumelwe
akhumbule ukuthi abeZizwe abangasokile ababesemabandleni babengakaze babe ngaphansi koMthetho! AmaJuda nabeZizwe ngokufanayo kwakudingeka bathuthuke ngokomoya. Lokhu kwakuhilela
ukuqaphela ukuthi babengeke bakwazi ukuqinisekisa ukulunga kwabo ngelungiselelo loMthetho KaMose.
IZINYATHELO ZOKUQALA ZOKWAZI UNKULUNKULU
4
2.
3.
4,
ni
24
Iseluleko umphostoli uPawulu asinikeza abaseGalathiya sabha-
Iziphi izinto amaKristu atuswa ukuba azihlole njalo?
Yini okwakudingeka amaKristu aseGalathiya ayenze?
5. Isiphi iseluleko uPawulu asinika abaseGalathiya, futhi sisebenza kanjakithi?
IN QABAYOKULINDA— M ARCH 15, 2013
INGXENYE 1
lwa ngenjongo: ukusiza amaKristu eqiniso aphila kunoma iyiphi
inkathi ukuba angafulatheli ingcebo yeqiniso leBhayibheli abuyele
ezintweni azishiye ngemuva. UJehova waphefumulela umphostoli
ukuba angakhuthazi amabandla aseGalathiya kuphela kodwa bonke abakhulekeli bakhe ukuze bahlale begxilile.
5
Siyobe senza kahle sonke ngokuhlale sikhumbula indlela esakhululwa ngayo ebugqilini obungokomoya futhi saba oFakazi BakaJehova. Ukuze uzikhumbuze, cabangela le mibuzo emibili: Uyazikhumbula yini izinyathelo owazithatha ukuze ufanelekele ubhapathizo? Ingabe uyayikhumbula indlela owamazi ngayo uNkulunkulu futhi waziwa nguye okukwenze wajabulela inkululeko engokomoya yangempela?
6
Siye salandela izinyathelo ezingu-9. Lezo zinyathelo, njengohlu olungokomoya lwezinto okumelwe sizihlole, zichazwe ebhokisini elithi “Izinyathelo Eziholela Ekubhapathizweni Nasekukhuleni Ngokuqhubekayo.” Ukuhlale sizikhumbuza lezi zinyathelo ezingu-9 kuyosiqinisa ukuba simelane nesifiso sokubuyela emuva ezintweni zezwe. Njengoba nje umshayeli ongumakadebona kodwa
oqaphile eqhubeka eshayela ngokuphepha ngokuqale abheke uhlu
lwezinto okumelwe azihlole, ngokufanayo ukubukeza uhlu olungokomoya kuyokusiza ukuba uphikelele enkonzweni ethembekile.
LABO ABAZIWA UNKULUNKULU
BAYAQHUBEKA BEKHULA NGOKOMOYA
7
Uhlu oluhlolwa umshayeli wendiza lumkhumbuza ukuthi
6. Iluphi uhlu esizoxoxa ngalo?
7. Isiphi isibonelo okudingeka sisilandele, futhi ngani?
INGXENYE 1
IN QABAYOKULINDA— M ARCH 15, 2013
25
kunesimiso okumelwe asilandele ngokucophelela njalo ngaphambi
kokuba ahambe ngendiza. Nathi singazihlola njalo, sihlole nesimiso ebesilokhu sisilandela kusukela sabhapathizwa. UPawulu wabhalela uThimothewu: “Qhubeka ubambelele esibonelweni samazwi anempilo owawezwa kimi ngokholo nothando mayelana noKristu Jesu.” (2 Thim. 1:13) Lawo “mazwi anempilo” atholakala
eZwini likaNkulunkulu. (1 Thim. 6:3) Njengoba nje uhlaka lwesithombe somdwebi lunikeza umbono wesithombe sisonke, ‘isibonelo samazwi eqiniso’ sinikeza uhlaka olubanzi olusisiza ukuba sibone lokho uJehova akufunayo kithi bese sikwenza. Ngakho, ake sibheke izinyathelo ezaholela ekubhapathizweni kwethu ukuze sibone ukuthi sisilandela ngokuseduze kangakanani isibonelo seqiniso.
Into yokuqala ohlwini lwethu isidingo sokungenisa ulwazi.
Uma sesinalo siyokwazi ukuhlakulela ukholo. Kodwa kufanele siqhubeke sikhula kuzo zombili lezi zici. (2 Thes. 1:3) Ukukhula
kuhilela ukuqhubeka senza izinguquko eziningi. Igama elithi “ukukhula” lisho ukwanda ngenani noma ngobukhulu. Ngakho, ngemva kokubhapathizwa, kudingeka siqhubeke sikhula ngokomoya
ukuze ingokomoya lethu lingami ndawonye.
8
9
Singafanisa ukukhula kwethu ngokomoya nokukhula komuthi.
Umuthi ungakhula uze ube mkhulu ngokubabazekayo, ikakhulukazi uma izimpande zawo zijulile futhi zisabalele. Ngokwesibonelo, eminye imisedari emikhulu ngokubabazekayo yaseLebhanoni
ingakhula ize ilingane nesakhiwo esinezitezi ezingu-12 futhi ibe ne8, 9. (a) Kungani kufanele siqhubeke sikhula olwazini nasokholweni? (b) Bonisa ukubaluleka kokukhula ngokomoya nokuthi kungani kuyinqubo eqhubekayo.
26
IN QABAYOKULINDA— M ARCH 15, 2013
INGXENYE 1
zimpande eziqinile, ezijulile nesiqu esingaba amamitha angu-12
ububanzi. (IsiHl. 5:15) Ngemva kokuba lo muthi usuyekile ukukhula uye phezulu, uyaqhubeka ukhula nakuba kungasenzeki ngendlela ephawulekayo. Minyaka yonke, isiqu siyaqhubeka siba banzi
nezimpande zijula futhi zisabalala ngokwengeziwe, okwenza lo muthi uqine. Kungashiwo okufanayo ngokukhula komKristu ngokomoya. Lapho sisanda kuqala ukufundelwa, singase sikhule ngokushesha ngokomoya bese sibhapathizwa. Esinabo ebandleni bayakujabulela ukubona intuthuko yethu. Singaze sifaneleke ngisho nokuba amaphayona noma ukuthola amanye amalungelo. Eminyakeni
elandelayo, ukukhula kwethu okuqhubekayo kungase kungabi okuphawuleka kangako. Noma kunjalo, kudingeka sikhule okholweni
nasolwazini ukuze sibe “indoda ekhule ngokugcwele, esilinganisweni sobukhulu esingesokugcwala kukaKristu.” (Efe. 4:13) Sithuthuka ngaleyo ndlela ngomqondo ongokomfanekiso, kusukela ekubeni isithombo esincane sibe umKristu ovuthiwe onjengomuthi
oqinile okhule kahle.
10
Kodwa ukukhula kwethu akufanele kume lapho. Ulwazi lwethu kudingeka lusabalale nokholo lwethu lujule. Ngaleyo ndlela siyoba nezimpande ezigxilile enhlabathini yeZwi likaNkulunkulu.
(IzAga 12:3) Ebandleni lobuKristu kunabafowethu nodadewethu
abaningi asebekwenzile lokhu. Ngokwesibonelo, omunye umzalwane osekuyiminyaka engaphezu kwamashumi amathathu engumdala waphawula ukuthi usakhula ngokomoya. Uthi: “Ukuqonda kwami iBhayibheli kuye kwakhula kakhulu. Ngifunda njalo izindlela ezintsha zokusebenzisa izimiso nemithetho yeBhayibheli ezicini
10. Kungani ukukhula kudingeka ngisho nakumaKristu avuthiwe?
INGXENYE 1
IN QABAYOKULINDA— M ARCH 15, 2013
27
ezihlukahlukene. Ukwazisa kwami ngenkonzo nako kuyaqhubeka
kukhula.”
KHULA EBUHLOTSHENI BAKHO NONKULUNKULU
11
Ukukhula kwethu kuhilela ukusondela kuJehova njengoMngane noBaba. Ufuna ukuba sizizwe samukelekile. Ufuna
sazi ukuthi uyasithanda nokuthi siphephile, sizizwe ngendlela ingane ezizwa ithandwa ngayo futhi iphephile lapho igonwe umzali oyikhathalelayo, noma ngendlela thina esizizwa ngayo lapho sikanye
nomngane weqiniso noqotho. Njengoba ungase uqaphele, lokhu
kusondelana noJehova akwenzeki ngokuphazima kweso. Sidinga
isikhathi ukuze simazi futhi simthande. Ngakho, ukuze umazi kangcono uJehova, kumelwe uzimisele ukubekela isikhathi eceleni sokufunda iZwi lakhe nsuku zonke. Funda INqabayokulinda ngayinye ne-Phaphama! ngayinye kanye nezinye izincwadi ezisekelwe
eBhayibhelini.
Abangane bakaNkulunkulu bayakhula ngokomoya ngemithandazo yabo eqotho nangokuba nobudlelwane obuhle. (Funda uMalaki 3:16.) ‘Izindlebe zikaJehova zisekunxuseni kwabo.’
(1 Pet. 3:12) Njengomzali onothando, uJehova uyayinaka imithandazo yethu yokucela usizo. Yingakho kudingeka ‘siphikelele emthandazweni.’ (Roma 12:12) Ngeke sikwazi ukuhlale singamaKristu akhule ngokugcwele ngaphandle kosizo lukaNkulunkulu. Izingcindezi zalesi simiso zinkulu kakhulu ukuba singamelana nazo
futhi sizinqobe ngokwethu. Uma siyeka ukuphikelela emthandazweni, sinqamula umzila oqhubekayo wamandla uNkulunkulu azi12
11. Singamazi kanjani uJehova kangcono ngokuhamba kwesikhathi?
12. Yini edingekayo ukuze saziwe uJehova?
28
IN QABAYOKULINDA— M ARCH 15, 2013
INGXENYE 1
misele nakwaziyo ukusinika wona. Liyakugculisa yini izinga lemithandazo yakho, noma kukhona lapho obona kudingeka uthuthukise khona kulesi sici?—Jer. 16:19.
13
UJehova uyajabula ngabo bonke “abafuna isiphephelo kuye”;
yingakho kumelwe siqhubeke sihlanganyela njalo nabanye abamaziyo ngisho nangemva kokuba sesimazi. (Nah. 1:7) Ezweni eligcwele ukudangala, siyokwenza ngokuhlakanipha ngokwakha ubungane ebandleni nabafowethu nodadewethu abayisikhuthazo. Kuyosizuzisa ngani ukwenza kanjalo? Ebandleni uyothola abantu abayokuvuselela ‘othandweni nasemisebenzini emihle.’ (Heb. 10:24,
25) Uthando olukhona ebandleni uPawulu alobela amaHebheru
ngalo lufuna ukuba sibe imbumba, sibe ibandla noma umphakathi wabakhulekeli abanomqondo ofanayo. Ukubonisa lolu hlobo lothando kudinga ukuba sizihlanganise namanye amaKristu. Ohlwini lwakho lokuzihlola, kuphawule njalo ukuba khona emihlanganweni futhi ube nengxenye kuyo.
Lapho siqala ukuba amaKristu kwadingeka ukuba siphenduke futhi siguquke, noma sifulathele izono zethu. Nokho, ukuphenduka kuyinto eqhubekayo. Njengabantu abangaphelele, sisenesono esihobe ngaphakathi kithi kuhle kwenyoka ebuthisile elungele
ukugadla! (Roma 3:9, 10; 6:12-14) Masihlale sivule amehlo, singawazibi amaphutha ethu. Ngokujabulisayo, uJehova uyasibekezelela
lapho sisazama ngobuqotho ukulwa nobuthakathaka bethu nokwenza izinguquko ezidingekayo. (Fil. 2:12; 2 Pet. 3:9) Kuyosisiza
14
13. Kungani ukuzihlanganisa namanye amaKristu kubalulekile ekukhuleni
okungokomoya?
14. Kungani ukuphenduka nokuguquka kuyinqubo eqhubekayo?
INGXENYE 1
IN QABAYOKULINDA— M ARCH 15, 2013
29
kakhulu ukulawula indlela esisebenzisa ngayo isikhathi nezinto zethu, sigweme iminako yobugovu. Omunye udade uyabhala: “Ngakhulela eqinisweni, kodwa ngakhula nginombono ohlukile ngoJehova kunabaningi. Ngangimbheka njengomuntu okumelwe esatshwe kakhulu, futhi ngaba nomuzwa wokuthi angisoze ngakwazi
ukumjabulisa.” Ngokuhamba kwesikhathi, lo dade wazithola “eyendayenda” ngokomoya ngenxa yezinto ezidumazayo eziningi abhekana nazo. Uyaqhubeka: “Akukhona ukuthi ngangingamthandi
uJehova, kodwa kwakungenxa yokuthi ngangingamazi ngempela.
Nokho, ngemva kokuthandaza kaningi ngobuqotho, umbono wami
washintsha.” Wanezela: “Ngathola ukuthi uJehova wayengihola
njengengane, engisiza ngesineke ukuba nginqobe isithiyo ngasinye
ngesikhathi futhi engibonisa lokho okwakudingeka ngikwenze.”
‘Qhubekani nikhuluma nabantu’ ngezindaba ezinhle. Ingelosi kaNkulunkulu yasho la mazwi kuPetru nabanye abaphostoli
ngemva kokuba bekhululwe ngokuyisimangaliso etilongweni. (IzE.
5:19-21) Yebo, ukuhlanganyela kwethu enkonzweni yasensimini
kungenye yezinto ezisohlwini lwethu lokuzihlola. UJesu noYise baqaphela kokubili ukholo lwethu nenkonzo yethu. (IsAm. 2:19)
Njengoba umdala ocashunwe kwesinye sezigaba ezingenhla esho:
“Umsebenzi osemqoka kithi inkonzo yasensimini.”
15
Cabangisisa ngokuzinikezela kwakho. Impahla eyigugu kunazo zonke esinazo ubuhlobo bethu noJehova. Uyabazi abangabakhe. (Funda u-Isaya 44:5.) Lihlole ngosizo lomthandazo izinga
nokujula kobuhlobo bakho naye. Okuhlobene nalokhu ukulukhu16
15. Yini uJesu noYise abayiqaphelayo?
16. Kungani kukuhle ukucabangisisa ngokuzinikezela kwethu kuJehova?
30
IN QABAYOKULINDA— M ARCH 15, 2013
INGXENYE 1
mbula njalo usuku olubalulekile owabhapathizwa ngalo. Ukulukhumbula kuyokukhumbuza ukuthi ubhapathizo lwakho luyisibonakaliso sesinqumo esibaluleke kakhulu kowake wazenza.
HLALE USEDUZE NOJEHOVA NGOKUKHUTHAZELA
17
Lapho ebhalela abaseGalathiya, uPawulu wagcizelela isidingo
sokukhuthazela. (Gal. 6:9) Ukukhuthazela kubalulekile nakumKristu namuhla. Uyobhekana nobunzima, kodwa uJehova uyokusiza. Qhubeka uthandazela umoya ongcwele. Uyozwa impumuzo lapho ekulethela injabulo esikhundleni sosizi, ukuthula esikhundleni somunyu. (Math. 7:7-11) Cabanga ngalokhu: Uma uJehova enakekela izinyoni, ukunakekela kakhulu kangakanani wena omthandayo noye wazinikela kuye? (Math. 10:29-31) Kungakhathaliseki
ukuthi ubhekana naziphi izingcindezi, ungalokothi uhlehle, ungalokothi uphonse ithawula. Yeka ingcebo emangalisayo esiyithola
ngoba saziwa uJehova!
18
Ngakho-ke, uma usanda kumazi uJehova wabe usubhapathizwa, yini okudingeka uyenze manje? Qhubeka umazi kangcono
uJehova, ukhulela ekuvuthweni okungokomoya. Uma kuwukuthi
usuneminyaka eminingi ubhapathiziwe, yini okudingeka uyenze
manje? Nawe futhi qhubeka ujulisa futhi wandisa ulwazi lwakho
ngoJehova. Kwangathi singelokothe sibuthathe kalula ubuhlobo bethu naye. Kunalokho, sonke kufanele sihlale njalo sibheka uhlu
lwethu lokuzihlola ukuze siqinisekise ukuthi siyaqhubeka sikhula
ebuhlotsheni bethu noBaba wethu onothando onguMngane nonguNkulunkulu wethu—uJehova.—Funda eyesi-2 Korinte 13:5, 6.
17. Kungani ukukhuthazela kudingeka ukuze sihlale siseduze noJehova?
18. Njengoba ‘usumazi uNkulunkulu,’ yini osekufanele uyenze?
INGXENYE 1
IN QABAYOKULINDA— M ARCH 15, 2013
31
IZINYATHELO EZIHOLELA
EKUBHAPATHIZWENI
NASEKUKHULENI NGOKUQHUBEKAYO
1 Siqala ‘ngokungenisa ulwazi’ ngoJehova
nangeNdodana yakhe, uJesu Kristu.
—Joh. 17:3
2 Ukholo lwethu luyaqina njengoba ulwazi lwethu
lukhula.—Joh. 3:16
3 Sikhuluma njalo noJehova ngomthandazo.
—IzE. 2:21
4 Siqaphela isidingo sokuhlangana njalo
ndawonye nabanye esikholwa nabo.
—Heb. 10:24, 25
5 Siyaphenduka ezonweni zethu.—IzE. 17:30
6 Siyaguquka, silahle imikhuba emibi.—IzE. 3:19
7 Ukholo lwethu lusishukumisela ukuba
sikhulume nabanye.—2 Kor. 4:13
8 Sizinikezela kuJehova ukuze sikwazi
ukulandela uJesu ngendlela efanele.—1 Pet. 4:2
9 Sibonakalisa ukuzinikezela kwethu
ngobhapathizo lwamanzi.—1 Pet. 3:21
32
IN QABAYOKULINDA— M ARCH 15, 2013
www.jw.org/zu
wlp13 03/15-ZU-1

Podobné dokumenty

KHUYINI Kwamambala OKUFUNDISWA YIBHAYIBHILI?

KHUYINI Kwamambala OKUFUNDISWA YIBHAYIBHILI? YIBHAYIBHILI? INCWADI LE NGEYAKA

Více

Příloha č. 5: Jak se řekne Děkuji

Příloha č. 5: Jak se řekne Děkuji Příloha č. 5: Jak se řekne Děkuji

Více